By: Bright Ntuli
UMengameli uCyril Ramaphosa usememezele ukuthi usesungule ikhomishini ezophenya ngezinsolo ezenziwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, u-Nhlanhla Mkhwanazi.
Lezinsolo zibandakanya nezikhulu eziphezulu zomthetho kanye nongqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.
Ethula inkulumo yakhe esizweni izolo ebusuku, uRamaphosa uthi lekhomishini izoholwa ngoyisekela leNhloko yamaJaji uMbuyiseli Madlanga.
URamaphosa uthi izophenya ngezinsolo ezithinta ukuphazanyiswa kwengalo yomthetho, ezobunhloli kanye nezikhungo ezihambisana nohlelo lwezobulungiswa, ngamaqembu ezigebengu.
Ikhomishana izophenya indima yezikhulu eziphezulu zamanje nezangaphambilini ezikhungweni ezithile, okungenzeka ukuthi zasekela izenzo zobugebengu, noma ezihlulekile ukulandela imikhondo yezobunhloli okanye zashaya indiva izexwayiso zangaphakathi noma ezihlomule ngokwezimali noma kwezombusazwe emsebenzini we-syndicate.



