Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Undunankulu wase KZN uThami Ntuli usekuqinisekisile ukuthi usezitholile izincwadi ezivela kongqongqoshe ababilli abosolwa ngokuthi kunezinkampani ababa nesandla ekutheni zihlomule ngemisebenzi kahulumeni ngendlela engaqondakali.

Ungqongqoshe wezeMfundo uSipho Hlomuka nowezeMpilo uNomagugu Simelane, balokhu besematheni kulandela ukuvela kwalezinsolo.

Ihhovisi lika ndunankulu seliveze ukuthi bobabili sebezithumelile izincwadi ezichaza mayelana nalezi zinsolo.

Okhulumela ihhovisi lika ndunankulu uLindelani Mbatha uthi uNtuli uzozibheka lezi zincwadi bese ethatha izinqumo.

UMbatha uthi uNtuli uzibophezele ekuphatheni loludaba ngobuqotho njengoba kusho umthethosisekelo wezwe, kanti ugcizelela ngokuthi uhulumeni wesifundazwe (GPU), uzimisele ngokusebenzela umphakathi ngendlela eqotho futhi engenayo inkohlakalo.