Oyisikhulu esibhekele imithetho elawula ukusebenza kwamaphoyisa kuzwelonke uPatronella Van Rooyen usetshele ikhomishana kaMadlanga ukuthi kwakungamele amadokodo ayephenywa yithimba eliphenya ngokubulawa kosopolotiki (i-PKTT) athathwe eKZN engazisiwe uKhomishana wesifundazwe.
uVan Rooyen ongufakazi wesithathu ovela ngaphambi kwalekhomisha, usephinde waveza nokuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa wagxambukela impela emsebenzini wamaphoyisa ngokuthatha isinqumo sokuthi kuhlakazwe ithimba le-PKTT.
uJenene uVan Rooyen ugcizelela ngokuthi uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke kuphela ongathatha izinqumo ezithinta izinguqoko ophenyweni lwethimba eliphenya ngokusocongwa kosopolitiki.
“Nanoma iyiphi imiyalelo ethinta uphenyo kumele iqhamuke kukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, njengomuntu okunguye owaqala i task team nokunguye futhi owengamele konke okwenzekayo. Iyona le imigudu ekwakumele ilandelwe.
“Ukhomishana kazwelonke unegunya lokuqoka nanoma ngubani, ngisho nephoyisa ukuba libhekelele i-task team, akunandaba noma ngabe usesigabeni sikazwelonke noma usesigabeni sesifundazwe,” kubeka uVan Rooyen.


