By: Zilungile Mkhize
Ungqongqoshe osababambile emnyangweni wamaphoyisa uFiroz Cachali uthi ikhomishana kaMadlana neqokelwe ukuphenya ngezinsolo zenkohlakalo emaphoyiseni izovundulula imininingwane ezomangaza abaningi.
Lekhomishana kulindeleke ukuthi iqale ukusebenza kwayo mhla zingu 17 ku September.
Ikhomishana kaMadlanga yasungulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ngo-July, ngemuva kwezinsolo zika Khomishana wamaphoyisa eKZN, uNhlanhla Mkhwanazi, owaveza izinsolo zenkohlakalo nokugxambukela kwabaholi abathize emsebenzini wamaphoyisa wokulwa nobugebengu.
Ekhuluma nabezindaba emcimbini wokukhumbula kuhlonishwe amaphoyisa ashonela emsebenzini, uCachalia uthi ezinye zezinto ezizovela kulekhomishana kuzomele kubhekwane nazo ngqo futhi ngokushesha.


