By: Zilungile Mkhize
Owayengungqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uBheki Cele usekhwele wadilika kungqongqoshe osamisiwe uSenzo Mchunu, ethi wayengenawo amandla okuhlakaza iPolitical Killings Task Team ngaphandle kokuxhumana nokhomishana wamaphoyisa kuzwelonke kanye noMengameli wezwe.
uCele uqale izolo ukwethula ubufakazi bakhe phambi kwekomidi lephalamende lesikhashana ngezinsolo zenkohlakalo nobugebengu emaphoyiseni nakwezobulungiswa kuleli.
Uthi ungqongqoshe akanalo ilungelo lokuqoka nokuhlakaza, ngakho izinqumo ezifana nalesi asithatha kumele zidlule kukhomishana wamaphoyisa okunguye onelungelo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uCele waba ngungqongqoshe ngo 2019 kuya ku 2024, kanti uthi wakhuluma nomengameli uCyril Ramaphosa mayelana namagalelo kanye nemiphumela emihle ye Political Killing Task Team ekulweni nokubulala okuhlangene nezepolitiki.
Uthi iPKTT yayithela izithelo ezinhle futhi noRamaphosa wayeyeseka.





