Skip to main content

By: Bright Ntuli

I-UDM ithi isimvulele icala kwikhomishana yamalungelo abantu usaziwayo osezakhele udumo ngokuzibiza ngenkosi yamabhinca uNgizwe Mchunu mayelana nenkulumo yakhe enokucwasa kanye nenhlamba. 

Lenhlangano isho kanje kulandela i-Video esisabelele ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa uMchunu eveza imibono yakhe ecwasa abathandana nobulili obufanayo.

Kule video ubezwakalisa intukuthelo ngemuva kokusabalala kwezithombe zabesilisa ababili abebeshadana begqoke imvunulo yesintu nakubize ngechilo.

 Oyisikhulumi se-UDM uYangama Zigede uthi amazwi ka Mchunu abuyisela izwe emuva emizamweni yokuqeda ukucwaswa kwabathandana nobulili obufanayo.