By: Zilungile Mkhize
Ikhomishana kaMadlanga ehlezi ePitoli isitshelwe ukuthi isikhulu esiphezulu emaphoyiseni kamasipala wase Ekurhuleni, uJulius Mkhwanazi, wabizwa ngokushesha ukuthi azokhuculula agqibe ubufakazi endaweni yesigameko sokubulala eBrakpan eGauteng.
Lobufakazi bethulwe isikhulu samaphoyisa kamasipala esesathatha umhlala phansi uRevo Spies.
Uthi lesigameko senzeka ngo-2021, senziwa ngamaphoyisa omkhandlu angaphansi kuka Mkhwanazi.
USpies uphinde waveza ukuthi isidumbu somuntu owayebulewe salahlwa edamini elaliseduzane.
“Endaweni yesigameko bafonela u-Brigadier Mkhwanazi, wafika ngemoto yohlobo lwaka VW Golf emhlophe nalapho abamchazela khona ukuthi abugqibe kanjani ubufakazi.
“Bathatha isidumbu sesisulu basifaka emotweni yomuntu thizeni emva kwaloko bamtshela ukuthi akayosilaxaza ndaweni thizeni, nokwathi uma kuvela lokho ophenyweni lwe-IPID- lomuntu waphenduka ufakazi wombuso,” kubeka uSpies.



