Skip to main content

By: Buhle Mbele

Inkantolo yezeMali eThekwini isigixabeze owesifazane oneminyaka ewu 41 ubudala ngeminyaka ewu 10 ebhadla ejele ngenxa yokukhwabanisa u4.8 million wamarandi kwinkampani ebeyisebenzela.

U-Vinola Naidoo obesebenzela uMohamed Hafzal Razak weChannel Construction ezinze eBayhead, eningizimu yeTheku, wahlambuluka ngesenzo sakhe kumqashi wakhe ngencwadi efungelwe.

Lokhu kulandela uphenyo olwasungulwa umqashi kamsolwa ngoba sekuvela ukuthi izincwadi azigunyaza zilethwa uyena uNaidoo zazingekho emthethweni ngoba nemininingwane yebhange kwatholakala ukuthi eyakhe uNaidoo.

Okhulumela uphiko lwezokushushisa eKZN iNPA uKhethukuthula Sangweni uyenaba.

“Phakhathi kwa-2016 no-2019 ummangalelwa wahlanganisa amaphepha womgunyathi, wanika umqashi wakhe ukuthi awagunyaze naye umqashi wawagunyaza, ecabanga ukuthi amaphepha aqondile.

UNaidoo washintsha iminingwane yebhange wafaka eyakhe ukuze imali ingene kuye. Ngalokho ke wayeseqola inkampani imali engu R4.8 million,” kusho Sangweni.