By: Xolani Khumalo
Ungqongqoshe wemfundo ephakeme uSiviwe Gwarube, usezwakalise okukhulu ukudumala mayelana nokubambezeleka kwamaholo abasebenzi abalekelela ezikoleni ngaphansi kohlelo lukaHulumeni iBasic Education Employment Initiative.
Babalelwa ku-200,000 abantu abasha abaphakathi kweminyaka engu-18 kuya ku-34 ubudala abalekelela emaklasini, emahhovisi kanye nasemagcekeni ezikoleni zikaHulumeni abangaholelwanga inyanga edlule.
Umnyango wezabasebenzi usukhombe uGwarube ngenjumbane ngokwehluleka komnyango wakhe ukuhambisa ngesikhathi imininigwane efaka phakathi nama-register abasebenzi.
Okhulumela umnyango uTerence Khala uthi ukuxazulula lenhlekelele uNgqongqoshe uzobamba umhlangano osezingeni eliphezulu ohlanganisa izinhlaka zonke ezithintekayo.





