By: Sphelele Nzuza
Usekela Ngqongqoshe wezokuthutha kuzwelonke uMkhuleko Hlengwa, usephosele inselelo abashayeli ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo baphinde bakusabe ukukhipha imiphefumulo.
UHlengwa usho kanjena ngenkathi kuqhubeka inkonzo yomngcwabo wamalungu angu-9 esonto laseZayoni ashone enhlekeleleni yengozi eyenzeke ngesonto eledlule ku N2, eSkhawini, enyakatho yeKZN.
Uphenyo lomnyango wezokuthuka seluveze ukuthi imoto eyayithwele labazalwane iwuhlobo lwemoto engathwala abantu abangu 9 kuya kwabangu 12 nje kuphela, kodwa ngelanga lesigameko yayithwele abantu abantu 24 nokusho ukuthi yayigcwele ngokweqile.
UHlengwa usephinde waveza ukuthi lengozi yadalwa ukukhathala komshayeli wemoto eyashayisa ikhumbi eyayithwele abazalwane.