By: Xolani Khumalo
Kuloludaba olulandelayo olubucayi asixwayise umlaleli, ukuthi lungase luvuse umunyu konezinhliziyo eshesha ukuzwela
Ubaba wabantwana abangama wele abalimale kanzima kwashona elilodwa esibhicongweni sengozi eyenzeke eFlatini elisenkabeni yedolobha iTheku, uKhaya Dlamini uthi liya ngokumphelela ithemba lokuthi angase abuthole ubulungiswa.
NgoMgqibelo, abantwana bakhe u-Aphelele no Aphile Dlamini abaneminyaka ewu-7 ubudala kubikwa ukuthi babedlala nezinye izingane, esitezi sesine ngesikhathi bewa bekhalathela emgodini we-Lift ebengisabenzi bayosacazeka phansi.
Kulesigameko-ke iwele lomfana lishonile kwathi elentombazane laphuthunyiswa esibhedlela lisesimweni esibucayi, kanti kumanje kubikwa ukuth lisalwela impilo uyalo esibhedlela egumbini labagula kakhulu e-Intensive Care Unit.
Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM uDlamini usedlulise usizi lwakhe echaza nangokumdumala kakhulu.
“Ngendlela engibuhlungu ngayo, baxhumana nami ngezincingo okukhombisayo ukuthi abanazwelo. I-footage yekhamera angikakayitholi, bayala ukunginika bathi angibuye namaphoyisa.
Amaphoyisa ngokwazi kwami abakayikhiphi I-footage. Umseshi bengimphusha, akangiphenduli. okokuqala ngazifikela bukhoma wathi iimoto azikho,i-statimende esathathwa emakhazeni asikho,” kubeka uDlamini.





