By: Pamella Majola
Oyinhloko yezobunhloli esamisiwe embuthweni wamaphoyisa iSAPS uDumisani Khumalo usetshele ikhomishana kaMadlanga ukuthi uzokwethula ubufakazi bakhe bonke ngaphambi kweCamera ukuze avikele abamsize ukuhlanganisa lobufakazi.
uKhumalo ungufakazi wesihlanu ukuvela phambi kwekhomishana kaMandlanga, ephenya ngezinsolo zokugxambukela kosopitiki emsebenzini wamaphoyisa.
Uvela phambi kwalekhomishana nje, bekumele avele enkantolo khona namhlanje, kulandela ukuboshwa kwakhe ngoJune esikhumulweni sezindiza iOR Tambo International eGoli ngezinsolo zokukhwabanisa, inkohlakalo, kanye nokusebenzisa imali yezobuhloni budedengu.



