By: Zilungile Mkhize
Ungqongqoshe wezobulungiswa uMmamoloko Kubayi uthi umnyango wakhe awunawo amandla okukhipha usuku nesikhathi sokuthi izowuqala nini umsebenzi ikhomishana ka Madlanga, eqokelwe ukuba iphenye ngezinsolo zenkohlakalo emaphoyiseni nakwezobulungiswa.
Uthi leso isinqumo sayo ikhomishana uma wonke amalungiselelo esephothuliwe, kodwa ngeke babukele kukhona abaphazamisa loluhlelo ngamabomu.
“Mayelana nodaba losuku ikhomishana ezoqala ngalo ukusebenza, anginawo amandla okuyitshela ukuthi iqale nini; okwethu ukuqikelela ukuthi siyayihlinzeka ngakhokonke ekudingekayo ukuze iqale ukusebenza esikhathini esasikhipha.
-Mamaloko Kubayi
“Izobe isibheka ukuthi yini ekhona njengoba sesivezile ukuthi iyodwa nje vo into ebisishoda – okuwubuxhakaxhaka nabo ke esisibuhlinzekile namhlanje.”
uKubayi ubambe isithangami nabezindaba ukuzocacisa aphendule nemibuzo kulandela isimemezelo sika Justice Mbuyiseli Madlanga, nongusihlalo weMadlanga Commission, sokuthi ngeke umsebenzi wabo usaqala ngomhlaka 1 September njengoba bekuhleliwe.




