Skip to main content

By: Xolani Khumalo

UMholi we-EFF uJulius Malema uthi alikho ikusasa eliqhakazile elingathenjiswa yiqembu eliholwa umuntu osemdala, noseke waphatha izwe wehluleka, ebhekise kuMholi weqembu uMkhonto Wesizwe Party uJacob Zuma.

Lamagama ashiwo uMalema ngesikhathi leliqembu ligubha usuku lwentsha eKing Zwelithini Stadium eMlazi eNingizimu yeTheku.

Ekhuluma nezinkumbi zabalandeli baleliqembu uMalema usebenzise lelithuba ukunxenxa amavoti, kwazise ngonyaka ozayo kubhekwe okhethweni loHulumeni baseKhaya.

Ubeke wathi akukwazi ukuthi kungathiwa uJacob Zuma uyikusasa njengoba emdala, abantu ekumele kuthiwe bayikusasa lezwe ngabantu abasha – nokuyibona ekade bethe chithi saka enkundleni yezimidlalo .

Uqhube ngokuthi akukwazi ukuthi lelizwe lingaholwa umuntu omdala, futhi owalifaka ehlathini ngesikhathi esengumholi, wahluleka ukwakhela intsha amathuba omsebenzi waphinde wahluleka nokubuyisela umhlaba kubantu abampisholo.