Skip to main content

By: Phakeme Mnguni

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema uthi iqembu lakhe limi ngokubambisana ne-Iran, njengoba amazwe i-Israel kanye ne United States elokhu eqhubeke njalo nokuyigadla ngamabhomu nemicibisholo ekhafula umlilo.

UMalema uphinde wakubeka kwacaca ukuthi ngeke bangathathi hlangothi lapho kuqhutshekwa nokubulawa kwabantu eGaza, njengoba i-Israel isaqhubeka nokuhlasela indawo yasePalestine.

Usho lokhu ngesikhathi ekhuluma eVryheid, KwaZulu-Natal, emngcwabeni wamalungu angu-7 e-EFF.

Lamalungu angamanye amalungu angu-10 ashone engozini yebhasi ebuya embuthanweni wokugubha usuku lweNtsha ngesonto eledlule.

UMalema usebenzise umngcwabo wangeSonto ukuphawula ngezinxushunxushu eziqhubekayo eMiddle East, lapho i-Israel ihlasele khona i-Iran ezinsukwini eziyisishiyagalombili ezedlule.

Inkulumo yakhe futhi iza kungekudala ngemuva kokuba i-US iphonse amabhomu ayo yabhubhisa indawo yezikhali zenuzi yase-Iran, yaphinde yaxwayisa ngokuthi ingase ibhubhise ezinye izindawo uma i-Iran iziphindiselela.

UMalema uthi i-Iran kumele ivikelwe “ekuxhashazweni” yi-US namadlelandawonye ayo.

Uqhuba ngokuthi i-Iran inalo lonke ilungelo lokuzivikela, futhi i-Israel kumele ibhekane nomonakalo ofanayo elokhu iwudala eGaza.