By: Bright Ntuli
UMengameli uCyril Ramaphosa useqoke ungqongqoshe wezokumbiwa phansi uGwede Mantashe, njengebamba likangqongqoshe wamaPhoyisa ngokushesha.
Uzosebenza kule ndima entsha kuze kube loyo ozongena kulesikhundla uFiroz Cachalia, uthatha ngokusemthethweni ekuqaleni kuka-August.
IHhovisi likaMengameli lithi uMantashe usazoqhubeka nomsebenzi wakhe njengongqongqoshe wezokuMbiwa Phansi.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uRamaphosa efake uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ekhefini eliyisipesheli kulandela izinsolo zokugxambukela kwezombusazwe kanye nokungena ngobugebengu ekusebenzeni kwamaphoyisa.



