Skip to main content

By: Buhle Mbhele

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uFannie Masemola, usegxeke izenzo ezithinta amaqembu ezigelekeqe eWestbury, entshonalanga yeGoli.


Lokhu kuza ngemuva kokudutshulwa kwabantu abasha abayisikhombisa esehlakalweni okukholakala ukuthi sihlobene namaqembu ezigelekeqe ntambama izolo.

Ababili kulezisulu kubikwa ukuthi bashonile ngesikhathi befika esibhedlela, kanti abanye abahlanu kumbulwa kwembeswa esinhedlela.

Akukaboshwa muntu okwamanje.

UMasemola uthi kuyakhathaza ukuthi izingane ezincane zisetshenziswa njengabagijimi bokudayisa izidakamizwa ezweni.

“Ngeke sivumele isimo lapho izingane zibandakanyeka khona ebugebengwini, imisebenzi yokugembula noma batholakale bebhema. Iziyalo ziqala ekhaya,” kusho uMasemola.