By: Buhle Mbhele
IPhini likaMengameli uPaul Mashatile uthi uhulumeni uyalusheshisa uhlelo lokubuyiselwa komhlaba.
UMashatile ongusihlalo weKomidi ongqongqoshe ababhekelele ukubuyiselwa nezolimo, uvakashele eNtshonalanga Kapa kuleli sonto.
Uthi njengengxenye yohlelo lokudluliswa komhlaba kahulumeni, unyango wekuthuthukiswa Kwezindawo zasemakhaya uphezu kwezinhlelo zokudlulisela amapulazi kahulumeni ezweni lonke kubantu abazowaqasha futhi asebehlangabezana nemibandela ethile.
“Eminyakeni engu-30 edlule sesithole ukugxekwa okukhulu ngokwenza kancane uhlelo lokubuyiswa komhlaba, kodwa sesithathe igxathu futhi ngiyathokoza kakhulu ngemibiko engiyithole kungqongqoshe. Sizoqikelela ukuthi umhlaba ugcina ubuyelile kubantu bakuleli,” kubeka uMashatile.



