Skip to main content

By: Phakeme Mnguni

Oyisekela likamqondisi-Jikelele emnyangweni wezemfundo eKZN, uMbuyiseni Mazibuko, uthi ukwethulwa kwerobhothi elinguthisha ngeke kuphuce othisha isinkwa kodwa kuzolekelela ekufundeni nasekufundiseni.

UMazibuko usho kanje kwabezindaba kulandela ukwethulwa kukathisha wokuqala ngqa oyirobho kuleli u-IRIS AI ozofakwa emakilasini ukusiza othisha ekuthuthukiseni indlela yokufundisa.

Loluhlelo lwezobuchwepheshe besimanje manje luzosebenza kusuka emabangeni asukela kugrade R kuya emanyuvesi, kanti u-IRIS uzikhuluma zonke izilimi zakulelizwe.

“IRIS yirobothi elingazothatha umsebenzi wothisha kodwa elizokwelekelela othisha.”

Uqhuba ngokuthi othisha njengamanje banomsebenzi omningi abawenzayo kodwa uma sekufanele balekelele abantwana ukwenza umsebenzi owengeziwe njengama homework, ama assignments nokulapho u-IRIS angena khona abe wusizo njengomlekeleli.

Uthi ke u-IRIS akakwazi ukuzisebenzela eyedwa udinga uthisha ukuze asebenze.