Bight Ntuli
Unobhala jikelele we ANC u-Fikile Mbalula uthi leliqembu lisebenza kanzima ukuzivuselela kabusha liphinde libuyise nokwethenjwa kwalo njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya.
Sekusele izinsuku ezingu 30 ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya noluzoba ngomhlaka 4 November.
Ngo 2021, i-ANC ayenzanga kahle okhethweni lohulumeni basekhaya njengoba amavoti ayo ehla esuka ku 53.9% wango 2016 aya ku 45.6%.
Ekhuluma eEastern Cape uMbalula uthi banethemba nokuthi bazophuma phambili ecaleni abalivulele ikhomishini yezokhetho iIEC mayelana namafolosi abo angu 181 asala ngaphandle ohlwini.
“We are putting a solid case which we believe that matter would have been settled a long time ago by the commission itself without resorting to the court.”
“We are not asking anything before the courts that is not lawful and all we are asking for is that what has been submitted must be recognised as delivered,” kusho uMbalula.
iNkantolo yezoKhetho eBloemfontein yakhipha isinqumo esaphikisana nesicelo se-ANC sokuthi i-IEC yamukele uhlu olwafakwa yileli qembu sekwedlule isikhathi.
Lesi sinqumo sasisho ukuthi isinqumo sokuqala se-IEC, ebesiphikiswa yi-ANC, sisamile. Okusho ukuthi kuze kube manje leliqembu lisengcupheni yokwehluleka ukungenela ukhetho komasipala abathintekayo.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaMablula


