By: Xolani Khumalo
Unobhala jikelele we-ANC uFikile Mbalula usexwayise ngokuthi iNingizimu Afrika ingase ibisengcupheni yokubuswa yizigelekeqe ezizogcina sezibambe umbuso ngobhongwana uma inkohlakalo embuthweni wamaphoyisa ingaqedwa.
uMbalula usho lokhu ebhekise kwikhomisha kaMadlanga ephenya inhlokohlakalo ekulombutho kanye nokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa, nokuyizinsolo ezenziwa uKhomishana wamaphoyisa e-KZN uNhlanhla Mkhwanazi.
Njengoba-ke iKhomishana kaMadlanga isaqhubeka uMbalula usephonsele nenyunyana yamaphoyisa iPopcru inselele yokuthi mayibonakale ithatha izinyathelo ezinqala, ukuxazulula lenkinga.
“Lelizwe seliphenduke izwe lobulelesi, kanti isikhathi sesifikile ukuthi njengezwe sizihlunge ezenzweni zobulelesi.
“Ngoba kungaba khona amakhomishane emva kwaloko kungenziwa lutho ngokutholwa kuwo,” Kubeka uMbalula.





