Skip to main content

By: Nompulelo Ngubane 

UMdidiyeli wo Mkhonto WeSizwe Party eKZN uWillies Mchunu uthi yize elakuleli libuswa ngaphansi ko hulumeni wobumbano kodwa iMKP yiyo iqembu elakhethwa abantu futhi elaba namavoti amaningi. 

UMchunu usho kanje ekhuluma eShowe eNyakatho yesifundazwe, nalapho leli qembu libungaze usuku lokuzalwa komholi walo uJacob Zuma ohlanganise iminyaka engu 83 edla anhlamvana. 

Imibungazo yosuku lokuzalwa kuka Zuma ibanjwe ezifundazweni ezahlukene kuleli kanti iqembu liveze ukuthi enye yenhloso yalemibungazo ukuqhakambisa iqhaza elibanjwe uZuma eNingizimu Africa. 

UMchunuuthi njengoba iMKP izoba nemashi ilapho bezobe bekhombisa uhulumeni wobumbano ukuthi isikhathi sawo siphelile ikakhulukazi esindazweni iKZN.

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/LZyJzv1KVRM8ZYqQ&podcast_id=fa7b1359-25a2-491d-926c-84ab61f356b2″ width=”100%” height=”200″]