By: Xolani Khumalo
Ungqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu uthi izibalo zokubulawa kwabantu kuleli zehlile ezifundazweni ezingu-8.
Uthi sekubulawe abantu abangu 6,467 kuleli kusukela ngo January kuya kuMarch kulonyaka.
Uqhuba ngokuthi lesibalo sehle ngamaphesenti angu 3.1 uma siqhathaniswa nesabantu ababulawe ngesikhathi esifanayo ngonyaka owedlule.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba lapho ethule khona ezibalo zobugebengu ePitoli uMchunu uthi isifundazwe saseNorthern Cape isona kuphela esibe nezibalo ezinyukile zokubulawa kwabantu.