By: Phakeme Mnguni
UNgqongqoshe wezemidlalo, amaciko kanye namasiko uGaytom Mckenzie, useshayele umengameli waluleli uCyril Ramaphosa ihlombe ngomsebenzi athi uncomeka kakhulu ngeqhaza alibambile ukuqikelela ukuthi iG20 Summit ibanjelwe kuleli lengabade.
UMckenzie usho kanje ekhuluma engqungqutheleni yongqongqoshe bamazwe ngamazwe ebibanjelwe eCapital Zimbali.
Kulengqungquthela kudingidwe izingqinamba eziningi ezibhekene namazwe omhlaba kwaphindwa kwasayindwa umqulu iKwaDukuza Declaration, nokuhlonzwe ngayo ukuvikela usiko, ukubuyiswa kwezidumbu zalabo abashonela emazweni angaphandle kanye nokubuyiswa kwamagugu ezobuciko akuleli.
“UMegameli Cyril Ramaphosa usekhumbuze umhlaba wonke ukuthi ubuholi abukho ngeziwu noma ngamandla- kepha kungukuzinikela, ukuthobeka kanye nokuqhubeka nokuma njalo.
“Ulithwele iphupho likaMandela kanti uhamba nalo uyaphambili esikhathini sezobuchwepheshe be digital, lapho ke usiko, ubuchwepheshe kanye nobulungiswa kuhlangana khona,” kubeka uMckenzie.



