Skip to main content

By: Pamella Majola

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton McKenzie, uthi ngeke asule esikhundleni sakhe njengoba ethi yena usebenzela abantu bakuleli.

Igama likaMcKenzie lisematheni kulezinsuku njengoba sekuphume imibhalo ekusolwa ukuthi wayibhala eminyakeni eyedlule, enkundleni yezokuxhumana nalapho asho khona amagama acwasa ngokwebala.

UMcKenzie uyayiphika ke eyokuthi nguye owabhala lemibhalo, njengoba ethi usola ukuthi kusetsheziswe ithuluzi lezobuchwepheshe i-AI, ngenhloso yokudicilela phansi igama lakhe.

Uthi uyamuhlonipha kakhulu uMengameli wakuleli kodwa ngeke ancetheze ukuze agcine umsebenzi wakhe, nathi uwenza ngenxa yokuthi ufuna ukutakula abantu bakuleli ngokuletha izinsiza emiphakathini.

Uqhuba ngokuthi leli yitulo lokuthi asuke esikhundleni.

“Mashaba iqembu lakho liyawa kanti manje uzama ukuba sematheni ngegama lami, kumele engabe uhlala phezu kocingo ungifonele ubuze ukuthi ngabe lezinsolo ziyiqiniso yini.”

-McKenzie