Skip to main content

Umgqugquzeli womkhuleko kazwelonke ka Ngqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu, uSipho Mafuyeka uthi ukweseka kwabo uMchunu akusho ukuthi balwisana nomthetho.

UMafuyeka usho kanje njengoba amalungu amabandla ahlukene ehlangane eMbombela Civic Center esifundazweni iMpumalanga ngenhloso yokukhuleka ngokubambisana ukuqinisa uMchunu idolo.

Uqhuba ngokuthi uMafuyeka lo mkhuleko awuchazi umthetho ungadlali indawo yabo lapho kufanele khona.. kodwa bakhulekela ukuthi kuphume lonke iqiniso, kungabikhona izinto ezifihlwayo.

Kanti ke omama bomkhuleko abavela emabandleni ahlukeke sebeveze ukuthi akekho umuntu okumele ahlulelwe abanye abantu ngisho noma ngabe ukusiphi isikhundla,okubalwa nezepolitiki.

Lokhu kuvezwe amalungu amabandla ahlukene eMbombela Civic Centre esifundazweni iMpumalanga ababuthane kulendawo ukubamba umkhuleko wokweseka uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu.

“Sizokhuleka ukuthi unkulunkulu angenelele kuzo zonke izimo uMchunu abhekene nazo kanti azikho ezingqinamba esibhekene nazo ngesikhathi siza kulomkhuleko,” kubeka omunye womama ekade behambele lomkhuleko.

Kanti omunye uqhube ngokuthi uthanda ukunxusa amakholwa ukuthi angehluleli njengoba uMchunu ebhekene nengwadla yokwahlulelwa abantu bakuleli futhi uthemba ukuthi kuko konke unkulunkulu uzomthwala kanye nomndeni wakhe.

Igama lika Mchunu lingelinye elihamba phambili ezinsolweni zenkohlakalo okuhambisana nokugxambukela ngokwezombusazwe, ekusebenzeni kwengalo yomthetho.