By: Sthulile Mdletshe
Umnyango owengamele amajele uthi uzoqhubeka nesinqumo sokubopha ngamakentanga kanye nezinsimbi abasolwa abasuka emajele beyovela enkantolo.
Lokhu kulandela izikhalazo zakamuva ezizwakale ecaleni lokubulawa kuka Senzo Meyiwa, lapho abanye babasolwa abahlanu ababhekene nalelicala bekhale ngokuqiniswa kakhulu kwamabhawodi ozankosi abasemaqakaleni abo.
Labasolwa batshele inkantolo ngobunzima ababhekana nabo ngenxa yalesenzo, bethi abakwazi nokulandelela ukuqulwa kwaleli cala ngenxa yezinhlungu.
Okhulumela umnyango wezamajele kuzwelonke uSingabakho Nxumalo, uthi iningi labasolwa liyingozi emphakathini nakwezinye iziboshwa, ngakho isimo siyaphoqa ukuthi amaphoyisa aqaphisise ukugwema noma yini engase yenzeke, okubalwa nalabo abangase bahlele ukweqa.




