Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Umnyango wezempilo eKZN usunxuse abantu besilisa ukuthi bakukhuthalele ukuvakashela imitholampilo nezibhedlela ukuqinisekisa ukuthi azikho izifo ezibanyonyobelayo.

Umnyango usho kanjena njengoba sewethule ngokuphelele umkhankaso wokuqwashisa ngomdlavuza wamadoda iProstate Cancer esibhedlela iGrey’s ePietermaritzburg.

Uthi ukuhlala uzazi ukuthi umiphi ngokwesimo sempilo kubaluleke kakhulu, njengoba icancer ingezinye zezifo ezinobungozi uma itholakala seyisabalele kakhulu emzimbeni.

Khonamanjalo, owesilisa owasinda ephethwe yiyo iProstate Cancer uDumisani Pakkies, uthi amadoda awavuke azithathe ayothola ukuhlolelwa lomdlavuza nezinye izifo ukuze ezophila kangcono futhi isikhathi eside.

“I-Detection is the key, uma indoda isheshe yatholakala inyusa ama thuba ayo wokuthi iphile isikhathi eside, ukuthi isizakale nanokuthi i-Cancer yona le mhlambe iphinde ilapheke.

Ngiyajabula ukusho ukuthi mina after this long journey engaba nayo neCancer eyathatha almost 2 years, namhlanje sengikulesi stage ekuthiwa i-remission; okusho ukuthi i-Cancer ayisekho emzimbeni,” kusho uPakkies.