By: Sthulile Mdletshe
UMnyango wezempilo KwaZulu-Natal usunxuse odokotela abaqeqeshwa ezikhungweni zezempilo ezahlukene kulesifundazwe ukuthi bangafeli ngaphakathi uma bethola ukuhlukumezeka emsebenzini.
Umnyango usho kanje kulandela isigameko sokushona kuka dokotela uAlulutho Mazwi oshonele emsebenzini ePrince Mshiyeni Memorial Hospital eMlazi eningizimu yeTheku ngesonto eledlule.
UMazwi kubikwa ukuthi wathumela umyalezo kumphathi wakhe exolisa ngokuthi ngeke akwazi ukuza emsebenzini ngenxa yokugula kodwa umphathi wakhe wamphendula ngokuthi ulindele ukuthi afike emsebenzini, ngempela wenzenjalo wabe eseshonela khona.
Okhulumela uMnyango uNathi Oliphant, uthi bayakugqugquzela ukuthi abasebenzi bezempilo babike nanoma yiziphi izinkinga ababhekana nazo okuhlanganisa nokucindezelwa abaphathi.
Lalela izindaba eziphelele ngezansi:
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/GYVymwRmv4DJxqQ&podcast_id=cc5651bc-7061-4aec-986a-f3005c0bdb33″ width=”100%” height=”200″]