Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Umnyango wezempilo kazwelonke uthi iNingizimu Afrika isithuthuke kakhulu emzamweni yayo yokulwa nesifo iHIV/Aids.

Namhlanje umhlaba wonke uhlonipha usuku lokuqwashisa ngalesifo ngaphansi kwesiqubulo esithi” “Renewed Efforts and Sustainable Commitments to End AIDS”.

Oyisikhulumi somnyango uFoster Mohale uthi iNingizimu Afrika isathwele ijoka lokuhamba phambili ngesibalo sabantu asebesuleleke nge HIV emhlabeni wonke jikelele, nesilinganiselwa ku 8 million.

Uqhuba ngokuthi kulesibalo sebengu 6 million abantu abadla imishanguzo yokuthithibalisa leligciwane.

“Bangaphezu kuka 3,5 million abantu abaphila negciwane le HIV kuleli neselithithibele, okusho ukuthi aliveli egazini. Amathuba alabantu okusulela abanye abazibandakanya nabo ngokocansi, ahlezi ku 0.

“Umnyango wezempilo unxusa abantu ukuthi balokhu beqhubeke njalo nokuyohlolela iHIV ukuze bezohlezi bazi ngesimo sabo sezempilo,” kubeka uFoster.