Bokang Motaung
Ungqongqoshe wezokuthutha KwaZulu-Natal u-Siboniso Duma usethelekile emkhandlwini ka Masipala WaseNquthu enyakatho ye KZN njengoba eqhuba umsebenzi wokuvala ama-potholes emigwaqeni.
Namuhla lelithimba lisebenza emgwaqeni u-R33 kanye no P54 ehlanganisa idolobha laseNquthu, Vryheid kanye neNewcastle.
Sekuphele iskhathi eside abahlali bakulendawo bekhala ngesimo esingaphephile salemigwaqo.
Bakhala ngokuthi sibeka impilo yabashayeli nabagibeli engozini ngenxa yama-potholes asephenduke amadamu amanzi.
Ongumqondisi kulomnyango uBathandwa Nogwanya ethula umbiko wakhe kungqongqoshe uDumna ngesimo salemigwaqo usebeke kanje.
“Kunama crack seals adinga ukwenziwa kakhulu because if we don’t do that timely we allow water to ingress underneath the surface yomgwaqo and that causes more deterioration and more damage.” kusho uNogwanya.
Imigwaqo esezindaweni ezisenyakatho nesifundazwe iphinde yathola ukulimazeka ngesikhathi kunesimo sezulu esibi, esinezimvula ezinamandla okudale izikhukhula emigwaqeni ezinyangeni ezimbalwa ezidlule.
Lokhu kwadala nezingozi zezimoto, njengoba kwake kwabikwa ezingu 7 osukwini olulokdwa phakathi kweVryheid ne Newcastle ngenyanga ka August.
Cofa ngezansi ukuzw inkulumo ka Nongwanya



