By: Buhle Mbhele
Umnyango wezokuthutha KwaZulu Natal uthi isibalo sabashayeli ababoshelwe ukwephula imithetho yomgwaqo eyahlukahlukene kusukela ngomhlaka 15 August sesinyukele ku 399.
Abangu-66 balaba baboshwe izolo ePort Shepstone eningizimu yeKZN.
Okhulumela umnyango uNdabezinhle Sibiya uthi kulaba ababoshiwe ke, kubalwa udokotela, onesi abathathu kanye nekhansela lendawo.
USibiya uqhuba ngokuthi ezintatha zangoMgqibelo kuboshwe abangu-44 abebeshayela bephuzile.
“Uzwakalise okukhulu ukuphoxeka, njengoba kuvela ukuthi kuboshwe udokotela nabo nurse abathathu balaphaya ePort Shepstone Regional Hospital kanye ne-councillor.
Okunye futhi akuvezayo ukuthi udokotela ubalekile waphinde wabanjwa, usebhekene nelinye icala futhi lokubalekela, ukuboshwa kanye nephoyisa lakhona ePort Shepstone police station izolo nalo futhi libalekile. Lokho kusho ukuthi ke lizobhekana nengalo yomthetho, aboshelwe ukuthi uphinde wabaleka, kusho uSibiya,” kubeka uSibiya.




