Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Usomabhizinisi waseNorth West uBrown Mogotsi, usecele ukuthi kwelulwe isikhathi asinikwe yikhomishana kaMadlanga ukuze aphendule ngezinsolo zenkohlakalo, ukugxambukela kwezombusazwe kanye nokuthinteka ebugebengwini.

Umnqamulajuqu wezinsuku ezinhlanu anikwe wona, uzophela kulo lelisonto.

Ngokubika kwabezindaba, uMogotsi uthi udinga isikhathi esengeziwe sokuxoxisana nethimba lakhe labameli, elizotholakala ngoLwesiHlanu kuphela.

Uthi ufisa nokuzovela mathupha phambi kwaMadlanga.

Kuzokhumbuleka ukuthi ubufakazi obavezwa ngumphathi weCrime Intelligence uDumisani Khumalo, bamatanisa uMogotsi nezigebengu, nokuyizinsolo aziphikayo.