Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wombutho wezokuvikela nomakadebona uAngie Motshekga usekuqinisekisile ukuthi wonke amasosha akuleli abetshalwe eDemocratic Republic of Congo, asebuyile. 

UMotshekga uveze lokhu ngesikhathi ethula isabelo mali somnyango wakhe sonyakamali u 2025-2026 ePhalamende.

Kuzokhumbuleka ukuthi iNingizimu Africa yathumela amasosha e-SANDF eDRC, ukuyolekelela kuvikelwe izakhamuzi empini ebiqhubeka namaphekula eM23 ase Rwanda.

Kulomkhankaso, kwashona amasosha angu-14 akulelizwe.

UMotsheka uthi yonke imindeni isihlangene namalungu ayo ayejutshwe kuleliyalizwe.

Uthi ke zonke izikhali sezisukile eDRC zaya eTanzania futhi zizobuyela kuleli maduze kanti uphinde wadlulisa amazwi okubonga kuhulumeni wase Rwanda ngokuvulela amasosha akuleli umzila oya eTanzania, wabonga nangeqhaza alidlalile ekuqikeleleni ukuthi amasosha akuleli abuyela ekhaya ephephile.