Skip to main content

By: Pamella Majola

uMengameli uCyril Ramaphosa usememezele ukuthi obeyinxusa leNingizimu Afrika, eFrance, uNathi Mthethwa uzohlonishwa ngomngcwabo wesigaba sesibili sikahulumeni.

uMthethwa washona ngesonto eledlule, ehotela laseParis kanti kusolwa ukuthi waziphosa.

Isidumbu sakhe ke kulindeleke ukuthi sisuke eFrance khona namhlanje sifike kuleli kusasa umngcwabo uzoba ngeSonto.

Khonamanjalo uNdunankulu waKwazulu-Natal uThami Ntuli ehambisana namalungu esishayamthetho, asehambele umndeni wakwaMthethwa ukuyobonga emswaneni.

“Sithumela amazwi enduduzo hayi kubantu baseMfolozi kuphela kodwa kubantu baKwaZulu Natali naseNingizimu Afrika, ikakhulukazi umndeni wakhe.

Umlando wobudlelwano obukhona phakathi kwethu awukhawulelwe kuphela iqhaza alidlalile,” Kusho uNtuli.