Noluthando Mchunu
UNdunankulu KwaZulu-Natal uThami Ntuli uthi ukhathazeke kakhulu ngokwanda kwamacala abasolwa ngokudlwengula bephindelela emphakathini.
uNtuli ubekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo kaMantshi eThekwini, nalapho bekuvele khona owesilisa osolwa ngohide lwamacala okudlwengula.
Lowesilisa unamacala okudlwengula ekusolwa ukuthi wawenza ezindaweni ekubalwa kuzo i-Cator Manor, eThekwini kusukela ngo 2014 kuya ku 2025.
Loweslisa kubikwa ukuthi lamacala ubewenza ezifihle ubuso ngakho kusamele izisulu zivezelwe umsolwa ngohlelo i-Identification Parade.
UNtuli uthe abesifazane esifundazweni baphila lubhojozi, waphinde wanxusa ukubambisana ukuze kuqedwe udlame olubhekiswe kwabesifazane, i-GBV.
UNtuli uthi usethole nokuthi nakumasipala waseZululand nakhona kunowesilisa oboshelwe icala lokudlwengula ephindelela abantu besifazane abawu 14 eKZN naseGauteng.
“It is unfortunate that we have learned that there are a number of seriel rapists in the province of KwaZulu Natal. Hence, as we are here to day another one was arrested in Phongola who is also involved,” kusho uNtuli.
Uqedele wathui, “So we are worried that we have a number of them. I had a conversation earlier with the chief prosecutor who also informed me that there are a number of them that they are following up on.”
Ielicala ebelihanjelwe uNdunankulu selihlehliselwe isonto elizayo mhlaka 28 September kanti umsolwa uzogcinwa esitokisini.



