By: Xolani Khumalo
Ungqongqoshe wezolimo eKZN uThembeni kaMadlopha-Mthethwa uthi ukugwema ukubhebhetheka kwesifo samatele ezilwaneni, kudinga abalimi baqikelele ukuthi bahlola isilwane ngasinye ngasinye.
uNgqongqoshe ubemhlangano nabalimi abangaphezu kuka 100 abenza inzuzo ngemikhiqizo yabo ehholo lomphakathi eKokstad eningizimu yesifundazwe ukuzobhunga ndawonye nabo ngamaqhinga okunqoba lolubhubhane lwesifo.
Ekhuluma nabezindaba nakhu-ke uNgqongqoshe acebise ngakho abalimi.
“Siyafisa ukuthi abantu abaxhumane, ikakhulukazi nabeluleki bomnyango ngalesifo. Inkomo meyifika ekhaya ungaqale iyihlanganise nezinye izinkomo ukuze uyibone ukuthi ngempela iyaphila, ubacele bayihlole noma ngabe iqhamuka kuphi. Lokho izosiza ukuthi zingathelelani,” kusho uMadlopha-Mthethwa.



