Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Ungqongqoshe wezeMpilo e-KZN uNomagugu Simelane, usenxuse abantu besilisa ukuthi basondelane nezikhungo zezempilo.

USimelane uthi kuvamisile ukuthi abantu besilisa badembesele ukuza ezikhungweni zezempilo uma begula noma ukuzohlola isimo sabo sempilo.

Uqhuba uthi lokhu kufakazelwa ukuthi iningi labo liye lifike emitholampilo noma ezibhedlela seligula kakhulu, nathi kuyinto engagwemeka uma amadoda angakukhuthalela futhi angabi novalo ukubonana nabezempilo.

USimelane uthi umnyango wakhe usezinhlelweni zokwandisa izikhungo ezizokwazi ukuthi zibhekane ngqo nenhlalonhle yabantu besilisa.

“Abantu esibonile ukuthi bamanqikanqika ukusondela emnyangweni wezempilo abantu besilisa, abagcina befika ngoba sebegula kakhulu ngoba bedembesela ukusondela isifo sisephansi. So sinezinhlelo zokuthi siya kanjani kubona.”

Uthi ke olunye lwalezinhlelo kubalwa imitholampilo ebizwa ngokuthi ama ‘Men friendly clinics,’ isibalo sawo athi siku-149.