Skip to main content

Noluthando Mchunu

Usihlalo we IFP eKZN nophinde abe uNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli uthi usamile esinqumeni sakhe sokujuba amasosha ngenxa yodlame olubonakale edolobheni laseThekwini ngesonto eledlule.

UNtuli uthole okukhulu ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngalesinqumo sakhe waze wagxekwa ngisho nanguSihlalo we IFP esifundenni iTheku uSizwe Sikhakhane, odume ngelikaMavava.

Udlame eThekwini lwaqubuka emva kwesinqumo senkantolo yomthetho sisekelo ngodaba lwabantu abadinga ukuzokhoseliswa kuleli, kwashiswa izimto ezingu 14, kwaphinde kwacekelwa phansi nezakhiwo.

Ukubhikisha kuqhubeke cishe isonto lonke lapho kubonakale khona abantu bebhikisha ngisho nangezikhathi zasebusuku.

Ekhuluma nabalandeli beNkatha eNkandla enyakatho neKZN, uNtuli uthi akumkhathazi ukuthi kukhona abamgxekayo, njengoba ethi yena okumqoka kuye ukuvikela izakhamuzi kanye nengqalasizinda.

“Abanye baqamba amanga ngokuthi sesinamasosha abantu kufanele bengayivoteli Inkatha. Kushuti abantu kumele bavotele Inkatha ngobanakhu kushiswa izitolo, kumele bavotele Inkatha ngoba nakhu kuya loot-thwa,” kusho uNtuli.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaNtuli…