Skip to main content

By: Bright Ntuli

Undunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, uthi ukhathazekile ngokuthi omaspala abaningi bakulesifundazwe abakulungele ukuguquguquka kwesimo sezulu.

Ucwaningo lwakamuva olwenziwe yiNyuvesi i-Witwatersrand eGauteng seluveze ukuthi amazinga okushisa anyuka ngamandla emhlabeni jikelele nokushintsha isimo sezulu ezindaweni ezisogwini olusempumalanga yalelizwe.

Seluveze nokuthi yingakho kubonakala isimo sezulu sihlasela izifundazwe ekubalwa kuzo i-KZN kanye ne-Eastern Cape.

UNtuli usegcizelele ukuthi imiphakathi kufanele ifundiswe ngomthelela oseduze nokude wokushintsha kwesimo sezulu.