By: Zilungile Mkhize
Undunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli usencome ukusebenza kwamaphoyisa esifundazweni, kulandela ukutholakala kwabasolwa abahlanu okubikwa ukuthi bese bewuhlupho emiphakathini eyahlukene.
Labasolwa abaphakathi kweminyaka engu-17 no-20 ubudala, badudulane namaphoyisa izolo eChatsworth eningizimu yeTheku, bashonela khona endaweni yesigameko.
Ngokusho kwamaphoyisa labalisa bebefunwa ngoxhaxha lwamacala okubalwa kuwo ukubulala, ukugqekeza nokusabisa abahlali ngenhloso yokuthola imali.
UNtuli uthi ukuphumela obala kwamalungu omphakathi abike ngalobugebengu nakho kudlale indima enkulu ekutheni abomthetho bakwazi ukuthola labasolwa.
Okhulumela undunankulu uLindelani Mbatha uyenaba.
“Undunankulu uthi umphakathi nawo awuqhubeke usebenzisane namaphoyisa ukubika ubugebengu, ukuze iKwaZulu-Natal izoba indawo ephephile.
“Undunankulu uthi uyaqonda ukuthi amaphoyisa ngeke abuqede ubugebengu esebenza wodwa; kufuneka izinhlaka ezahlukene nokufakwa kuzo izinkampani ezizimele zonogada, amabhizinisi kanye nazo zonke izinhlaka zomphakathi- ziwalekelele amaphoyisa ukubhekana ngqo nezinswelaboya futhi zibike uma kukhona okungaqondakali,” kubeka uMbatha.



