By: Phakeme Mnguni
UNdunankulu wase KZN uThami Ntuli uthi bazowubeka phambili umnyango wezempilo kanjalo nowezemfundo uma sekuphuma isabelo mali sangonyaka ozayo.
Yomibili leminyango kulesifundazwe ikhungethwe yizingqinamba, ekubalwa kuzo ukuntuleka kwezimali.
Umnyango wezemfundo sekuvele ukuthi ngo March kulonyaka, ubususebenzise imali engaphezu kowabelwa yona kwisebelomali futhi usudonsa kanzima ukufeza izidingo zawo zezimali.
UNtuli ubekhuluma emhlanganweni ophuthumayo nokade uhanjelwe nangungqongqoshe wezemfundo eyisisekelo kuzwelonke uSiviwe Gwarube, owezemfundo kulesifundazwe uSipho Hlomuka kanye nowezezimali uFrancois Rodgers izolo eThekwini.
Kulomhlangano sekuvele nokuthi umnyango wezemfundo udinga isamba semali elinganiselwa ku R7 billion wamarandi.
“Sesinesivumelwano nongqongqoshe wezezemali ukuthi uma sekwenziwa isabelomali sangonyaka ozayo, umnyango wezemfundo kanye nowezempilo uzothola imali ethe xaxa ukuze izibopho lemimnyango enazo zizokwehla.
“Njengokubheka ezinye izindlela zokuthola imali, esesiqalile ukukwenza njengesifundazwe saKwaZlu-Natal,” kubeka uNtuli.


