Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

USihlalo wekomidi elilwisana nobugebengu nophinde abe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, u-Thami Ntuli usethembise ukuqinisa imikhankanso elwisana nobugebengu obenziwa ngabantu bokufika kuleli.

UNtuli usho kanje ngesikhathi evula umhlangano obuhanjelwe ongqongqoshe nezinhlaka ezahlukene ezijutshwe ukulwa nobugebengu obudlange kulesfundazwe eMayville eThekwini.

Muva nje  izakhamuzi zase KZN zingenele amamashi ahlukene zinxusa uhulumeni ukuthi aqinise imithetho egunyaza ukuhlala nokusebenza kwabantu bokufika kuleli, ikakhuluakzi labo asebenamabhizinisi.

UNtuli uthi ngaphansi kwesiqubulo esithi  ‘Engangeni ngesango iyafohla’ uhulumeni wesfundazwe uyaqhubeka nokuqinisa imithetho elawula abantu bokufika kanye nezokuphepha emingceleni ukuze kubhekwane nesihlava sokuchanasa kwabantu bakwamanye amazwe kuleli.

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/7BXYpBqNVXqGDpqQ&podcast_id=dc2dde9c-5625-4179-a136-112de0e24b8a” width=”100%” height=”200″]