By: Buhle Mbhele
Abasolwa abangu-5 ababhekene necala lokulutha abantu bakuleli ukuthi bajoyine impi phakathi kwe Russia ne Ukraine ngaphandle kwemvume kahulumeni wezwe badedelwe nge bheyili.
Ummangalelwa wokuqala uphume ngebheyili ka-30 thousand wamarandi, wesibili ngeka R15 000 kanti laba abanye badedelwe ngo-5 thousand umuntu ngamunye.
UNonkululeko Mantula ongumsakazi we-SAfm unikezwe ibheyili ka-R30 000, uXolani Ntuli (46) yena wathola ibheyili ka-R15 000 kwathi abanye abasolwa abathathu uThulani Mazibuko (24), Siphamandla Chabalala (23) noSifiso Mabena (21) bathola ibheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye.
Bobahlanu ke bebelokhu begqunywe ezitokisini kusukela ekuboshweni kwabo ngempelasonto eyedlule esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International, ngesikhathi belibangise khona eRussia.
Umshushisi uPieter Erasmus utshele inkantolo ukuthi umbuso usola uMantula ngokuba ungqondongqondo ekulutheni laba, kanti wahambela izwe lase Russia amahlandla amahlanu ngenyanga ka September.
Inkantolo iphinde yezwa ukuthi uNtuli ongomunye wabasolwa, wake wabashwa ngaphambilini wagwetshelwa ukushayela budedengu eminyakeni engu-30 eyedlule.
Ngenxa yaloku ke, uNtuli nguye kuphela okudingeke ukuthi anike inkantolo incwadi efungelwe, kanti kulencwadi utshele inkantolo ukuthi lelicala lenzeka ngo 1993, esaneminyaka engu-15 ubudala nalapho akhokha khona inhlawulo yeshumi u-R1.
Imantshi uLouis Du Toit isilihlehlisele umhlaka 10 February lelicala ukuze kuqhutshekwe nophenyo.




