By: Buhle Mbhele
Umengameli uCyril Ramaphosa usekuvumile ukuthi abantu abasha kuleli babhekene nenkinga yokweswela imisebenzi ngoba abanaso isipiliyoni somsebenzi futhi baswela ngisho imali yokugibela.
Uqhuba ngokuthi uhulumeni uyazazi zonke lezinkinga ababhekene nazo, kanti uzama ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abasha bayawathola amathuba emisebenzi.
URamaphosa usho lokhu ethula isabelo mali sehhovisi lakhe sangonyaka ka 2025/26 ePhalamende izolo, kanti ekoteni yokuqala yalonyaka kuvele ukuthi babalelwa ku 62.4% abantu abasha abaphakathi kweminyaka ewu-15 kuya ku-25 abangasebenzi.
Uthi uhulumeni usungule izinhlelo ezifana ne-SA Youth Mobi ngo-2020, esiholele ekuthuthukiseni intsha njengoba sebengu-4.7 million abantu abasha asebeyingxenye yale App.



