Skip to main content

By: Bright Ntuli

Owesilisa obefunwa phansi phezulu amaphoyisa ngezinsolo zokubulala owayengusekela sotswebhu we IFP uKhethamabala Sithole, usedutshulwe wabulawa ngamaphoyisa eDuduza, eKurhuleni eGauteng. 

Okhulumela abomthetho uMavela Masondo uthi amaphoyisa alandele umkhondo ka Zamani Ngila Ximba aze amthola lapho ebebhace khona.

Abakwasidlodlo bathi umsolwa lo ube esebakhomba ngesibhamu bavele bamdubula.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSithole wadutshulwa wabulawa ehostela lase Katlehong ngo-May kwathi amanye amalungu amabili eIFP ayenawo alimala kanzima. 

 UMasondo usekuqinisekisile ukuthi abanye abasolwa ababili ababoshwelwa lelicala bazovela enkantolo ngomhlaka-20 Novemba.

“USithole nabanye abantu abangu-2 badutshulwa ngomhlaka 31 Meyi 2025 ehostela, eKatlehong. uBekokuhle Sithole noMkhululi Sithole baboshwa, babhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala. I-Independent Police Investigative Directorate iye yaziswa ngalesi sigameko,” kusho uMasondo