By: Sthulile Mdletshe
Amalungu ephalamende asesole ungqongqoshe wemfundo ephakeme uNobuhle Nkabane ngokubalekela ukuzobhekana nembuzo ethinta izinkinga ezikhungethe lomnyango.
UNkabane bekulindeleke ukuthi azophendula mayelana nokuqokwa kwamalunga ebhodi alengamele lesi sikhungo i-Sector Education and Training Authorities kanye nosihlalo walo kodwa ke wagcina engafikanga.
Kamuva nje uNkabane uke wavela ephalamende, wathola ukugxekwa ngendlela eyephendula ngayo imbuzo ayeyiphoswa ngezinkinga ezithinta isikhwama esixhasa abafundi ezikhungweni uNSFAS kanye nezinkinga ezithinta ibhodi i-SETA.
Ephawula ngalokhu, owe DA UKarabo Khakhau uzwakalise ukunengeka ngokungabi bikho futhi kuka Nkabane ukuzophendula imbuzo yekomiti elibhekele lomnyango.





