By: Nompendulo Ngubane
Umlisa osolwa ngokuba ungqondongqondo kubalisa abangu-10 ecaleni lokudlwengulwa kowesifazane oneminyaka engu-33 eSwapo ePiertermaritzburg wetheswe leli cala enkantolo ka Mantshi.
Kuzokhumbuleka ukuthi izindaba za Gagasi FM zibike ngalo loludaba nalapho owesisfazane oneminyaka engu 33 waveza khona ubuhlungu ebhekene nabo emva kokuthi adlwengulwe iqulu labafana endaweni yase Swapo, nokwamshiya ekhubazekile njengoba ephila nesigubhu sokuzikhulula ngaphakathi esiswini kuyena.
Namuhla owesilisa osolwa ngokuhamba phambili kulesi senzo uvelile enkantolo ka Mantshi nalapho ebe esetshelwa ukuthi ubhekene naleli cala, kanti yena umsolwa kuphinde kwavela ukuthi uke wabhekana necala lokugqekeza kwelinye lamabhizinisi nokwenza adonse iminyaka engu-8 ejele.
Umsolwa uphinde wacela inkantolo ukuthi imnike ummeli okhokhelwa uhulumeni nokunguyena ozokwazi ukumumela uma icala liqhubeka njengoba kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngoMsombuluko.
Khonamanjalo isisulu sibe sesibeka kanje.
“Ngila enkantolo kaMatshi emva kwesikhathi eside kakhulu, namhlanje bekuzovela omunye walafana abangu-10 ababelale nami ngingacelanga.
Kukhona okwenzakalayo nge case yami, ngiyabinga kakhulu kumseshi ophethe i case yami, ngizothanda nokubonga kakhulu ezindbeni ze Gagasi FM,” kubeka isisulu.





