Skip to main content

By: Pamella Majola

Ungqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu, useziphikile izinsolo zokuthi nguye owayehlela isidlo sakusihlwa somcimbi we-African National Congress owaziwa nge-ANC January 8 statement esasixhaswe usomabhizinisi osolwa ngobugebengu uVusimuzi “Cat” Matlala.

U-Mchunu uyaqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe ngaphambi kwekomidi lesikhashana ephalamede i-Ad Hoc Committee.

Uqhuba ngokuthi ngalesosikhathi wayengekho ngisho eKapa, kodwa waye-gqigqa phakathi kweKwazulu-Natal kanye Eastern Cape, ehambela izinkonzo zemingcwabo kanye nezezikhumbuzo.

U-Mchunu uthi akakaze ayalele muntu ukuthi akwenziwe lesidlo sasebusuku futhi akakaze asihambele yena siqu sakhe.

“NgoJanuwari-8, ngangingekho eKapa ngoba ngangiye enkonzweni yesikhumbuzo sikaProfessor Bhengu. Ngiphika ngobufakazi ukuthi azange ngiya esidlweni sakusihlwa esasixhaswe ngu Matlala,” kusho Mchunu