Skip to main content

By: Ziliungile Mkhize

Umholi weMayibuye iAfrika uFloyd Shivambu uthi uhlelo lwezemfundo lwaseNingizimu Afrika lusenkingeni enkulu, ikakhulukazi njengoba lukhiqiza abafundi baka Matric, abaphuma bengenawo amakhono.

Ekhuluma namavolontiya ajoyine inhlangano yakhe eKZN, ngesikhathi ebambe imikhankaso eThekwini, iMayibuye Consultation Process, uShivambu useveze ukuthi abafundi bakuleli kumele baqede isikole benamakhono abambekayo.

Kulamakhono ubala ukwakha izitini, ukubaza ukhuni, ulwazi oluthe xaxa lokusingatha izimali, kanye namanye amaningi.

UShivambu uthi iMayibuye iAfrika izogqugquzela ukuthi kube nezinguquko ezizoqinisekisa ukuthi imfundo ihlomisa intsha isasesikoleni.

“Izingane zifundiswa ngezinto ezingathi shuku, sizofuna uhlelo lwezemfundo oluzokwazi ukuhlomisa izingane ngamakhono afana nokuqala amabhizinisi ukuze zikwazi ukuziphilisa uma ziqeda umatikuletsheni.”

-Floyd Shivambu